Abe-EIMA bahlinzeka abathumela izimpahla ngaphandle kwezwe ngosizo lwezimali ukuze bakwazi ukuyobonisa ngemikhiqizo kanye nezinkonzo abo kumazwe angaphandle kanye nokubasiza ngenqubo yokubameshanisa ukuthola ukuthunyelwa kwezimpahla ngaphandle kanye nokutshalwa kwezimali zangaphandle ngokuqonde ngqo ezweni. Abe-EIMA babuye basize ngokunciphisa izindleko zokuthumela impahla ngaphandle.
Amafomu esicelo kanye namabhukwana emikhombandlela yakhona kumele kufundwe ngokuhambisana kwako. Isicelo siyophumelela kuphela uma sihambisana nezidingo ezibekwe kumaBhukwana emiKhombandlela.
Funda la madokhumende ngokucophelela ukuze uqondisise imitheshwana yolawulo kanye nezinqubo.
Uhla oluphelele lwamadokhumende okumele afakelwe kanye nesicelo kunikeziwe. Amabhukwana emikhombandlela azokhombisa, uma kukhona amanye amadokhumende adingekayo.
Amabhizinisi avunyelwe ukufakela izicelo ezifinyelela kweziyisithupha ngonyaka, kodwa kufakelwa kuphela ezine kwisikimu esisodwa. Noma yini okunye okuhlukile kulokhu, kumele kugunyaziswe nguMininjela ophezulu we-EMIA.
Amafomu esicelo kumele agcwaliswe kahle nakhona afakelwe ngesikhathi esibekiwe kwisevisi nesevisi ye-EMIA.
Izicelo ezifakelwa ngemuva kwesikhathi, ngeke zabonelelwa.
Uma isicelo sakho siphelele futhi sihambisana nawo onke amadokhumende asekelayo kanyenokulandela imibandela yokwamukelwa, singabonelelwa ukuze sivunyelwe.
Abe-EMIA bazokwazisa ngokuthi ngabe isicelo sako sivunyelwe yini noma salelwe kumahora angu-48 ngemuva kokwenziwa kwesinqumo sokugcina.
Izicelo ngeke zavunyelwa ngomlomo. Kumele uqinisekise ukuthi uthola ukuvunywa kwesicelo sakho okubhalwe phansi ngaphambi kokuba uhambe.
Ikhophi yesazizo sokuvunyelwa kwesicelo kumele kuhambisane nakho konke ukuxhumana kanye/noma ama-submission amanye amadokhumende kwabe-EMIA. Uma abe-EMIA bethola ezinye izincwadi zokuxhumana nawe noma amadokhumende, angabandakanyi incwadi yokuvunyelwa kwesicelo, abe-EMIA, ngeke babekwa icala uma la madokhumende elahleka noma efakelwa kwenye indawo engafanele. Uma la madokhumende elahleka noma ebekwa kwenye indawo engafanele, lokhu kungaphazamisa noma ukulibazisa inqubo yezamahhovisi.
Uma isicelo sosizo sesivunyelwe, kumele kugcwaliswe ifomu lokukleyima le-EMIA, kanye namadokhumende asekelayo kanye nohla lwemibuzo okumele kugcwaliswe ebese kufakelwa kwabe-EMIA kungakapheli izinyanga ezintathu ukusukela ngosuku okumele kubuyiswe ngalo ukusukela kwindawo yokwenziwa kwebhizinisi elivunyelwe.
Uma ama-ayithemu noma amadokhumende maqondana nekleyimi engekho ngemuva kwezinyanga ezintathu, ikleyimu ngeke isavunyelwa.
Amazinga okwenziwa kwesevisi ahlukile ngokuya ngesevisi nesevisi.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Izinkampani noma abanikazi abangabodwa bebhizinisi kumele bafakele izitifikedi ezisasebeza zokukhokha intela ukuze bazuze kwisikimu.
Sicela ubheke kwi-website ye-dti. Isevisi nesevisi inefomu layo lesicelo kanye nemikhombandlela yayo. Amafomu ekleyimu ayatholakala nakumasevisi ehlukene.
